
Umkhosi wezi-2019 we-Time of the Writer Uyaqala mhla ziyi-13 kuNdasa
Click here for English version
I-Centre for Creative Arts (CCA) yase-UKZN engaphansi kweKolishi LezeSintu yethula Umkhosi wama-22 we-Time of the Writer kusukela mhla ziyi-12 kuNdasa kuze kube mhla ziyi-16 ngaphansi kwesiqubulo esithi Centering the Indigenous.
'Kulo mkhosi wezi-2019 kumenywe ababhali baseNingizimu Afrika kuphela njengoba sizigodlela leli thuba eliyigugu ukuze sikhulume ngendlela amagama, ukubhala kanye nemibhalo yobuciko esibumba ngayo njengesizukulwane samanje saseNingizimu Afrika kulesi sikhathi esibucayi emlandweni wezwe lethu,' kusho uMqondisi oyibamba le-CCA, uNksz Lliane Loots.
'Umkhosi we-Time of the Writer wezi-2019 uzibophezele ekunikezeni amaphimbo aseNingizimu Afrika ithuba lokuhlonishwa kulo nyaka njengoba sisondela kuyona ingqikithi yekhono lethu lokubhala, futhi sizibhalele elinye ikusasa lethu. Lo mkhosi uzithathela ithuba lokuhlanganyela nabantu baseNingizimu Afrika abaya ngokuya banda kanjalo - nabase-Afrika yonkana - abangasathokozile ngezindlela eseziphelelwe yisikhathi zokukhuluma iqiniso kwabaphethe.'
Umkhosi uzoqhutshwa e-Elizabeth Sneddon Theatre, KZNSA Gallery, Auditorium Hall (i-Sizakala Centre, eZazi Road, Clermont)imitapo yolwazi yase-Grosvenor, eNchanga naseNanda. Ukungena kuyo yonke imicimbi kumahhala.
Ababambiqhaza abayi-13 balo mkhosi kuzobe kungo: Dudu Busani Dube, Mandla KaNozulu, Cyril James, Siya Khumalo, Angela Makholwa, Slungile Mavuso, Shalo Mbatha, Walter Mncube, Lerato Mogoatlhe, Rosie Motene, Sihle Mthembu, Sifiso Mzobe no-Sue Nyathi.
UMhlongo uzohlanganyela namaphaneli ahlukene kanye nezingxoxiswano eziningi ukuze abelane ngomsebenzi wakhe.
Kuzoba nezincwadi eziningi ezizokwethulwa kulezi zinsuku ezine zomkhosi futhi, ngenxa yobambiswano olungakaze lube khona kanye nemitapoyolwazi yase-Thekwini. Kuzoba nemihlangano yokucobelelana ulwazi kanjalo nezingxoxiswano nemitapo yolwazi eyahlukahlukene lapho ababhali bezokwabelana ngamazwi kanye nemibono yabo.
Okuthakazelisayo kakhulu yisiThangami Sezokushicilela ngoMgqibelo mhla ziyi-16 kuNdasa e-KZNSA Gallery lapho iphaneli izoba nezingxoxo ezivulelekile mayelana nesimo sokushicilela izincwadi eNingizimu Afrika. Izihloko zizobandakanya ukuthi umsebenzi onjani oshicilelwayo, ushicilelwa kuphi futhi ushicilelwa kanjani. Udaba lokuzishicilelela wena umsebenzi wakho nalo luzodingidwa futhi sizwe nezimvo zabashicileli abaphambili e-KZN.
Iphaneli izovulwa ngehora le-10 ekuseni kuze kube ngele-12 lapho kuzobe kudayiswa izincwadi eziningana kule ndawo.
Mhla ziyi-16 kuNdasa ngehora le-10 ekuseni, uMkhosi uzohlonipha abafundi abasebancane embuthanweni wakhona okhethekile e-KZNSA Gallery. Lesi sigaba sizohlinzeka ngokuxoxwa kwezindaba zaseAfrika nokufunda kwezindaba zaseNingizimu Afrika ezibhalelwe izethameli ezisencane.
Umkhosi uzoqala e-Elizabeth Sneddon Theatre ngoLwesithathu mhla ziyi-13 kuNdasa ngehora lesi-7 kusihlwa. Amathikithi wamahhala ayotholwa ngabafike kuqala.
Uhlelo oluphelele lomkhosi we-Time of the Writer luyatholakala ku-inthanethi lapha: https://medium.com/time-of-the-writer-festival.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sihlinzekiwe